Isonto 2: UNkulunkulu ujabulela labo abamqondayo nabamaziyo
UNkulunkulu ujabulela labo abamqondayo nabamaziyo
Yeka isithembiso esihle, uNkulunkulu ajabulelayo kulabo abamqondayo nabamaziyo. Siphila emhlabeni ogcwele abantu abazigqaja ngeziqu ezinkulu ngamagama abo. Bafuna abantu bahlatshwe umxhwele impumelelo, ukuqonda nokuhlakanipha kwabo. Ngenkathi abanye abantu bezigqaja ngamandla abo enyama, abanye bayakhazimula ebhizinisini abalakhile. Sihlangana nabantu abaningi abaziqhayisa ngengcebo yabo.
“Inkazimulo” isho “ukuziqhayisa.” Bakumemezela ezingutsheni abazigqokayo, ezimotweni abahamba ngazo, nasezindlini abanazo. Yileyo ndlela nje izidalwa ezingabantu, eziwile, ezilula. Kepha isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Uma uzincoma, zincome ngalokhu, ukuthi uyangazi, uyangiqonda.” Okuyizindaba ezimnandi! Ngiyamazi uNkulunkulu wendawo yonke. Kungani ngingaziqhayisa ngokuhlakanipha komuntu namandla nengcebo kuyilapho ngazi uNkulunkulu wendawo yonke? Futhi, okumangalisayo nakakhulu, Uyangazi.
0 amazwana