Amavesi eBhayibheli mayelana nokungesabi nokunqoba ukukhathazeka

by - Januwari 17, 2022

 Amavesi eBhayibheli mayelana nokungesabi nokunqoba ukukhathazeka





1.      ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

U-Isaya 41:10



 

 

2.      Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.

AmaHubo 56:3



 

 

3.      Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

KwabaseFilipi 4:6-7



 


4.      Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

NgokukaJohane 14:27



 

5.     


Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

2 kuThimothewu 1:7



 

 

6.      Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.

1 kaJohane 4:18



 

 

7.      Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

AmaHubo 94:19 




 

8.      

Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.

U-Isaya 43:1



 

9.      

Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.

IzAga 12:25



 

10   

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

AmaHubo 23:4 





 

11   Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”

UJoshuwa 1:9



 


12   Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

NgokukaMathewu 6:34



 

 


13.   Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.

1 kaPetru 5:6-7



 

 

1   Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi:

“Qinani, ningesabi;

bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu;nguye oza ukunisindisa.”

U-Isaya 35:4




 

15.   Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho. Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni. Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na? Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?

NgokukaLuka 12:22-26



 

 

16.   Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

AmaHubo 55:22



 

 

17   UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na?

UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?

AmaHubo 27:1 TPT



 

 

18.   Ngokuba bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

NgokukaMarku 6:50



 

 

19   Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.”

UDuteronomi 31:6



 


20  Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza. Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.

U-Isaya 41:13-14



 

21  Unkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;

ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

AmaHubo 46:1



 

 

22.   UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo; ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

AmaHubo 118:6-7

 



 

23.   Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.

IzAga 29:25 GNT



 

 

24.   Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu. Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”

NgokukaMarku 4:39-40



 

 

25   Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule.

AmaHubo 34:7



 

 

26   Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,

1 kaPetru 3:14

 


 

27   Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

AmaHubo 34:4 TPT



 

 

28   Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.

UDuteronomi 3:22



 

 

29   Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,

IsAmbulo 1:17



 

 

30   Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

NgokukaMarku 5:36


 

 

31  UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”

UZefaniya 3:17 ICB




You May Also Like

0 amazwana